Inkosi yathi kuSadoki: “Buyisela umphongolo kaNkulunkulu emzini; uma ngifumana umusa emehlweni kaJehova, uyakungibuyisa, angibonise wona nendawo yakhe yokuhlala.
AmaHubo 84:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yebo, inkonjane ithole indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ingabeka khona amazinyane ayo, okungukuthi ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba umzwilili ufumene indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ibeka khona amazinyane ayo, ngisho ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami. IsiZulu 2020 Ngokuba inyoni ifumene isidleke, nenkonjane yazitholela isidleke sayo, lapho ingabeka khona amaphuphu ayo, ngisho kuma-althare akho, Simakade Wamabandla, Nkosi yami, Nkulunkulu wami. |
Inkosi yathi kuSadoki: “Buyisela umphongolo kaNkulunkulu emzini; uma ngifumana umusa emehlweni kaJehova, uyakungibuyisa, angibonise wona nendawo yakhe yokuhlala.
Izinyembezi zami zazingukudla kwami imini nobusuku, lapho bethi kimi njalo: Uphi uNkulunkulu wakho?
Khona ngiyakuya e-altare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu intokozo yami enkulu; yebo, ethafeni ngiyakukudumisa, Nkulunkulu Nkulunkulu wami.
Lalela izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngiyakukhuleka kuwe.
Umkhuleko kaMose, umuntu kaNkulunkulu. Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Tshono kuyo indlu kaIsrayeli uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; “Bheka, ngiyayingcolisa indlu yami engcwele, ubuhle bamandla akho, isifiso samehlo akho nalokho umphefumulo wakho okuhawukelayo; amadodana enu namadodakazi enu aseleyo kini ayakuwa ngenkemba.
Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho, njengesikhukhukazi sibuthela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!
UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.