INkosi yathi: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, ngoba futhi uyinyama; kepha izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.
AmaHubo 81:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho ngabanikela enkanukweni yenhliziyo yabo, bahamba ngamacebo abo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo. IsiZulu 2020 Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo, bahamba ngokuthanda kwabo. |
INkosi yathi: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, ngoba futhi uyinyama; kepha izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.
Ngoba kabalilalelanga ilizwi le Nkosi uNkulunkulu wabo, kodwa basephula isivumelwano sakhe lakho konke uMozisi inceku ye Nkosi ayekuyale ngakho, kabalalelanga, kabakwenzanga.
Kepha bona nawobaba bazidla, bazenza lukhuni izintamo zabo, kabalalelanga imiyalo yakho;
UJehova wathi kuMose: “UFaro akayikunilalela; ukuze izimangaliso zami zande ezweni laseGibithe.
Maye kubantwana abahlubukayo, usho uJehova, abagcina isiluleko, bengaveli kimi; futhi nisibekele ngesembozo, kodwa hhayi ngomoya wami, ukuze banezele isono esonweni.
Ukuthi bangabantu abahlubukayo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangezwa umthetho kaJehova;
Ngubani owanikela uJakobe kube yimpango, no-Israyeli kubaphangi? Akusiye uJehova esone kuye na? ngoba abazange bahambe ezindleleni zakhe futhi abawulalelanga umthetho wakhe.
Manje sengikumemezele kini namuhla; kepha anililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wenu nanoma yini angithume ngayo kini.
Kodwa kabalalelanga, kababekanga izindlebe zabo, kodwa bahamba ngamacebo langemicabango yenhliziyo yabo embi, bahlehla, kabazange baqhubekele phambili.
Kepha bangihlubuka, abangilalelanga; abalahlanga, kwaba yilowo nalowo izinengiso emehlweni abo, ababashiyanga onkulunkulu baseGibithe; ukuthukuthela kwami phezu kwabo phakathi kwezwe laseGibithe.
UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yizihambi phakathi kwezizwe.
UNkulunkulu wayesephenduka, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu; njengokulotshiweyo egwalweni lwabaprofethi ukuthi: Lina ndlu kaIsrayeli, lanikela kimi yini iminikelo lemihlatshelo okweminyaka engamatshumi amane enkangala?
Ngakho-ke uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo ekungcoleni, bahlazisane imizimba yabo phakathi kwabo;
Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli; baphendula bathi: Hatshi! kepha siyakuba nenkosi phezu kwethu;