Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo endlini engaphakathi yendlu, eNgcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.
AmaHubo 80:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Phakamisa amandla akho phambi kuka-Efrayimi noBenjamini noManase, uze usisindise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Vusa amandla akho phambi kuka-Efrayimi noBenjamini noManase, uze ukusisindisa. IsiZulu 2020 phambi kuka-Efrayimi, noBhenjamini noManase, vusa amandla akho, uze usisindise. |
Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo endlini engaphakathi yendlu, eNgcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.
UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phakathi kwamakherubi, wena wedwa unguNkulunkulu wemibuso yonke yomhlaba; Wenze izulu nomhlaba.
UJehova uyinkosi; bathuthumele abantu! Uhlezi phakathi kwamakherubi; umhlaba mawunyakaze.
Ngiyakuhlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa phakathi kwamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi ngakho konke engikuyala ngakho kubantwana bakwa-Israyeli.
Futhi kuyothiwa ngalolo suku: Bheka, lo nguNkulunkulu wethu; simlindile, futhi uzosikhulula. NguJehova; silindele yena, sithokoze, sithokoze ngensindiso yakhe.
Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova unguMniki-mthetho wethu, uJehova uyinkosi yethu; uzosisindisa.
Abantu basebethumela eShilo ukuletha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phakathi kwamakherubi; amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.