Yebo, baphenduka futhi bamlinga uNkulunkulu, futhi bamvimbela oNgcwele ka-Israyeli.
AmaHubo 78:57 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa baphenduka benza ubumenemene njengoyise; baphambukile njengomnsalo okhohlisayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bahoshekela emuva, bakhohlisa njengawoyise, baphenduka njengomnsalo ogejayo. IsiZulu 2020 Bahlehlela emuva, njengoyisemkhulu, bamkhohlisa, baphambuka njengomnsalo ogejile. |
Yebo, baphenduka futhi bamlinga uNkulunkulu, futhi bamvimbela oNgcwele ka-Israyeli.
Bangabi njengoyise, isizukulwane esinenkani nesihlubukayo; isizukulwane esingalungisanga inhliziyo yaso, nomoya waso ungagxili kuNkulunkulu.
O sizwe esonayo, abantu abasindwa ngobubi, sizukulwane sabenzi bokubi, bantwana abonakele; bamshiyile uJehova, bamklolodela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehla nyovane.
Bayabuya, kepha ababuyeli koPhezukonke; banjengomnsalo okhohlisayo; izikhulu zabo ziyakuwa ngenkemba ngenxa yentukuthelo yolimi lwabo; kuyakuba yinhlekisa kubo ezweni laseGibithe.
Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, ngokuba benza okubi emehlweni kaJehova.