Kodwa abalalelanga, kodwa izintamo zabo zaba lukhuni njengezintamo zaboyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo.
AmaHubo 78:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba kabakholwanga kuNkulunkulu, kabathembanga ensindisweni yakhe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu, abathembanga ensindisweni yakhe. IsiZulu 2020 ngoba abakholwanga nguNkulunkulu, abaze bethembela ensindisweni yakhe. |
Kodwa abalalelanga, kodwa izintamo zabo zaba lukhuni njengezintamo zaboyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo.
Inhloko ka-Efrayimi yiSamariya, nenhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, anisoze naqinisekiswa.
Kalilalelanga ilizwi; akakwamukelanga ukuqondiswa; akazange athembele kuJehova; akasondelanga kuNkulunkulu wakhe.
Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo.
Okholwa eNdodaneni kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe; ngoba engakholwanga ubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.
Ngakho-ke ngiyakunikhumbuza, noma benazi lokhu ngaphambili, ukuthi iNkosi, isisindise abantu ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa abangakholwanga.