UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.
AmaHubo 78:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe, endaweni yaseSowani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wazenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani. IsiZulu 2020 Izimangaliso wazenza phambi koyisemkhulu eGibhithe, eZowani. |
UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.
Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bona kanjalo kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe phansi kwesandla sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu;
Wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba nazi ukuthi babezidla kubo. Wazitholela kanjalo igama, njengoba kunjalo nanamuhla.
owathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, kuFaro nezinceku zakhe zonke.
INkosi yasisithi kuMozisi: Khangela, ngikwenze unkulunkulu kuFaro; njalo uAroni umnewenu uzakuba ngumprofethi wakho.
Impela, izikhulu zaseSowani ziyiziwula, iseluleko sabeluleki abahlakaniphile bakaFaro senziwe indelelo; ungasho kanjani kuFaro ukuthi: Mina ngiyindodana yezazi, indodana yamakhosi amadala na?
Izikhulu zaseZowani zibe yiziwula, izikhulu zaseNofi zikhohlisiwe; balidukisa iGibithe, izindawo zokuhlala ezizweni zalo.
Ngiyokwenza iPhatirosi ibe ihlane ngilithungele ngomlilo eZowani futhi ngenze izijeziso eNo.
Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)
Noma uNkulunkulu wafuna ukuzibuthela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesabeka okukhulu, njengakho konke uJehova akwenzileyo. UNkulunkulu wenze kini eGibhithe phambi kwamehlo enu?
UJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezinzima eGibithe kuFaro nakuyo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu.
Base bethi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba sizwile umbiko wakhe nakho konke akwenzayo eGibithe,