Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 78:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wazenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Izimangaliso wazenza phambi koyisemkhulu eGibhithe, eZowani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe, endaweni yaseSowani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 78:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.


Kwaba njalo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babonile kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu,


wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nasezincekwini zakhe zonke, nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba wazi ukuthi babebaqholoshela, wazenzela igama, njengalokhu kunjalo nanamuhla.


izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.


Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.


UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngikwenze ube njengonkulunkulu kuFaro; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumprofethi wakho.


Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela, nesiluleko sabaluleki abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula; ningasho kanjani kuFaro ukuthi: “Mina ngiyindodana yabahlakaniphileyo, ngiyindodana yamakhosi asendulo,” na?


Izikhulu zaseSowani ziphendukile iziwula, izikhulu zaseNofi zikhohlisiwe; balidukisile iGibithe abangamatshe amagumbi ezizwe zalo.


Ngiyakwenza ize iPhatirosi, ngiphembe umlilo eSowani, ngenze ukwahlulela eNo.


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.


UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?


uJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibithe, naphezu kukaFaro, naphezu kwayo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu,


Bathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba siluzwile udumo lwakhe, nakho konke akwenzayo eGibithe,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka