Bheka, ungilalele, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ukuze ngingalali ubuthongo bokufa;
AmaHubo 76:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abanamandla enhliziyweni baphangwa, balala ubuthongo babo, akwabakho noyedwa kwabanamandla owathola izandla zabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bachithekile abaqinile ngenhliziyo, balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo. IsiZulu 2020 Amaqhawe aphangiwe, alala obokugcina, akukho qhawe elikwaze ukusebenzisa izandla zalo. |
Bheka, ungilalele, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ukuze ngingalali ubuthongo bokufa;
Khona i-Asiriya liyakuwa ngenkemba, kungabi ngeqhawe; nenkemba engesiye eyomuntu iyakumqeda; kodwa uyobalekela inkemba, nezinsizwa zakhe ziyokwesaba.
Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ekamu lama-Asiriya; bavuka ekuseni kakhulu, babeyizidumbu zonke.
Ekushiseni kwabo ngiyakubenzela amadili, ngibadakise, ukuze bajabule, balale ubuthongo obuphakade, bangavuki,” usho uJehova.
Futhi mina, Nebukhadinezari, ngidumisa futhi ngidumisa futhi ngidumisa iNkosi yezulu, yonke emisebenzi yayo iyiqiniso nezindlela zayo ziyahlulela; futhi Angathobisa labo abahamba ngokuzidla.
Abelusi bakho bayozela, nkosi yase-Asiriya; izikhulu zakho ziyakuhlala othulini; abantu bakho bahlakazekile ezintabeni, akakho obabuthayo.