Makube kude nawe ukwenza kanjalo, ukubulala olungileyo kanye nomubi, nokuba olungileyo abe njengomubi, okude nawe; umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ubulungisa na?
AmaHubo 7:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uma engaphenduki, uyolola inkemba yakhe; wawucima umnsalo wakhe wawulungisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma umuntu engaphenduki, uyakulola inkemba yakhe, ansale umnsalo wakhe, awulungisele, IsiZulu 2020 Uma umuntu engaphenduki, uyolola inkemba yakhe, uwukhokhile umnsalo wakhe, wama ngomumo, |
Makube kude nawe ukwenza kanjalo, ukubulala olungileyo kanye nomubi, nokuba olungileyo abe njengomubi, okude nawe; umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ubulungisa na?
Ukhuzile abezizwe, wababhubhisa ababi, igama labo walesula kuze kube phakade naphakade.
Ngalolo suku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe enzima nenkulu nenamandla phezu kukaLeviyathani, inyoka ehlabayo, noLeviyathani inyoka eyisigwegwe; futhi iyobulala udrako osolwandle.
Ngokuba inkemba yami iyogezwa ezulwini; bheka, liyokwehlela phezu kwe-Idumiya naphezu kwabantu besiqalekiso sami, kube ukwahlulelwa.
Ngakho ngiyakunahlulela nina ndlu ka-Israyeli, kube yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, niphenduke kuzo zonke iziphambeko zenu; ngakho ububi abuyikuba ukuwa kwenu.
Kuyakuba kubo njengokubhula kwamanga phambi kwamehlo abo, kulabo abafunga isifungo;
Wothi kubo: Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, kangithokozi ngokufa komubi; kodwa ukuthi omubi aphenduke endleleni yakhe nokuphila. Ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?
Kalokhu izembe selibekiwe empandeni yemithi, ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyagawulwa, iphonswe emlilweni.
Ngakho-ke phendukani, niguquke, ukuze kusulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa zivela ebusweni beNkosi;
Lapho ngilola inkemba yami ebenyezelayo, nesandla sami sibambe ukwahlulela; ngiyakuziphindiselela ezitheni zami, ngiphindisele kwabangizondayo.