AmaHubo 68:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Baxosheni njengokupheshulwa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo, kanjalo ababi mababhubhe phambi kukaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bamukiswa njengokumukiswa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo ababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu. IsiZulu 2020 Njengokuphephuka komusi, nokuncibilika kwengcina phambi komlilo, bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu. |
Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane, wabulala noSobagi induna yempi, wafela khona.
Ngithululiwe njengamanzi, namathambo ami onke ahlangene; inhliziyo yami injengengcina; kuncibilike phakathi kwamathumbu ami.
Kepha ababi bayakubhubha, izitha zikaJehova zinjengamanoni amawundlu; ziyakuqeda ngomusi.
Wena, yebo, uyesatshwa, futhi ubani oyoma phambi kwakho lapho uqala ukuthukuthela na?
Izintaba zancibilika njengengcina phambi kweNkosi, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.
Abantu babaleka emsindweni wokuxokozela; ekuphakameni kwakho izizwe ziyahlakazeka.
Njengalapho umlilo oncibilikayo uvutha, umlilo ubilisa amanzi, ukuze wenze igama lakho laziwe ezitheni zakho, ukuze izizwe zithuthumele phambi kwakho!
Ngokuba ububi buvutha njengomlilo, buqothula ikhakhasi nameva, buthungele ezihlahleni, bukhuphuke njengomusi.
Ngakho bayakuba njengefu lokusa, nanjengamazolo asekuseni adlula, namakhoba apheshulwa esibuyeni, nanjengomusi ophuma kushimula.
Izintaba ziyoncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziqhekezeke, njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi athululelwa endaweni eyehlelayo.
Kwathi umphongolo ususukile, uMose wathi: “Vuka, Jehova, zihlakazeke izitha zakho; nabakuzondayo mababaleke phambi kwakho.