Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 60:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

NgoNkulunkulu sizakwenza ngesibindi, ngoba nguye ozanyathela izitha zethu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Sizonqoba ngoNkulunkulu; Yena uzozinyathela izitha zethu.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 60:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Qinani, masibe nesibindi ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu, uJehova enze lokho akubona kufanele.


Qinani, masibe nesibindi ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu, uJehova enze okuhle emehlweni akhe.


Isandla sokunene sikaJehova siphakeme, esokunene sikaJehova senza amandla amakhulu.


Ihubo likaDavide. Makabongwe uJehova, mandla ami, ofundisa izandla zami ukulwa neminwe yami ukulwa.


Uyasisusa esitheni, nabasizondayo baziphange bona.


Ngawe sizacindezela izitha zethu; ngegama lakho siyakunyathela abasivukelayo.


Ngiyomthumela esizweni esizenzisayo, futhi ngokumelene nabantu bentukuthelo yami ngiyomnika umyalo wokuba athathe impango futhi athathe impango futhi ayinyathele njengodaka lwezitaladi.


Mina ngedwa nginyathele isikhamo sewayini; phakathi kwabantu kwakungekho nami, ngokuba ngiyakubanyathela ngentukuthelo yami, ngibanyathele ngokufutheka kwami; igazi labo liyofafazwa ezingutsheni zami, ngingcolise zonke izingubo zami.


Bayakuba njengamaqhawe anyathela izitha zabo odakeni lwezitaladi ekulweni; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nabamahhashi bayakuba namahloni.


Niyakunyathela ababi; ngokuba bayakuba njengaphansi kwamathe ezinyawo zenu mhla ngenza lokhu,” usho uJehova Sebawoti.


Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.


Manje nginike le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku; ngokuba wezwa ngalolo suku ukuthi ama-Anaki akhona, nemizi mikhulu, ibiyelwe; uma uJehova enami, ngiyakuba-khona ukubaxosha, njengalokho uJehova ekhulumile.


Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.