Siphe usizo ekuhluphekeni, ngoba usizo lomuntu luyize.
Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize.
Sisize esitheni, ngokuba ukuhlenga kwabantu kuyize.
Siphe usizo osizini, ngokuba usizo lomuntu luyize.
Iyakukhulula u-Israyeli kuzo zonke izono zakhe.
Ningathembeli ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.
O Nkulunkulu, khulula u-Israyeli kuzo zonke izinhlupheko zakhe.
Kumholi wokuhlabelela, kuJedutuni, ihubo likaDavide. Impela, umphefumulo wami ulindela uNkulunkulu, insindiso yami ivela kuye.
Ngokuba abaseGibithe basiza ngeze nangeze; yingakho ngamemeza ngalokhu: Amandla abo yikuhlala bathule.
AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu; namahhashi abo ayinyama, awawona umoya. Uma uJehova eselula isandla sakhe, abasizayo bayakuwa, nabasizwayo bayakuwa, bahluleke kanyekanye.