AmaHubo 59:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenxa yamandla akhe ngizakulindela, ngoba uNkulunkulu uyisiphephelo sami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami. IsiZulu 2020 Ngenxa yamandla akho, ngizokulindela, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami. |
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. UJehova uyakukuzwa ngosuku losizi; igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele;
Ihubo likaDavide. UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani? uJehova ungamandla okuphila kwami; ngizosaba bani?
Lindela uJehova, ube nesibindi, uyakuqinisa inhliziyo yakho; lindelani uJehova.
Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora. Isihlabelelo se-Alamoti. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ulusizo olutholakala kakhulu ekuhluphekeni.
O mandla ami, ngifisa ukuhlabelela ngodumo lwakho, ngokuba uNkulunkulu uyisiphephelo sami noNkulunkulu womusa wami.
Yena yedwa uyidwala lami nensindiso yami; uyisivikelo sami; Ngeke nginyakazeke kakhulu.
UJehova uyakuba yisiphephelo kocindezelweyo, isiphephelo ngezikhathi zokuhlupheka.
Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakwethemba, ngingesabi, ngokuba iNkosi uJehova ingamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso yami.
Kepha abamethembayo uJehova bathola amandla amasha; bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi; bayogijima bangakhathali; futhi bayohamba bangadangali.
Khona uyakuthokoza ngoJehova; ngiyakukwenza ukuba ukhwele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikusekele ngefa likayihlo uJakobe, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.
UJehova uNkulunkulu ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzele, angihambise ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelela ngezinsimbi zami zomculo ezinezintambo.
Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.