Uma izulu livalekile, imvula ingabi khona, ngokuba bonile kuwe; uma bekhuleka kule ndawo futhi bevuma igama lakho futhi bephenduka esonweni sabo uma ubacindezela;
AmaHubo 5:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhuleke ethempelini lakho elingcwele ngokukwesaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele. IsiZulu 2020 Kepha mina ngiyakungena endlini yakho, ngenxa yobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokuthobeka ethempelini lakho elingcwele. |
Uma izulu livalekile, imvula ingabi khona, ngokuba bonile kuwe; uma bekhuleka kule ndawo futhi bevuma igama lakho futhi bephenduka esonweni sabo uma ubacindezela;
Noma yimuphi umthandazo nokunxusa okungase kwenziwe yinoma ubani noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli abayokwazi, kube yilowo nalowo inhlupho yenhliziyo yakhe futhi belulele izandla zabo kule ndlu;
Ophambayo makangahlali endlini yami; oqamba amanga akayikulibala phambi kwamehlo ami.
Ngiyakukhuleka ethempelini lakho elingcwele, ngidumise igama lakho ngenxa yomusa wakho nangeqiniso lakho, ngokuba ukhulisile izwi lakho ngaphezu kwalo lonke igama lakho.
Yizwa izwi lokunxusa kwami, lapho ngikhala kuwe, lapho ngiphakamisela izandla zami endlini yakho engcwele.
Abalungileyo bayabiza, uJehova uyezwa, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo.
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide ekufikeni kwakhe umprofethi uNathani emva kokuba esengene kuBati Sheba. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; ngokobukhulu bomusa wakho ngikhulule eziphambekweni zami.
Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngiyethemba umusa kaNkulunkulu kuze kube phakade naphakade.
Kepha mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova, ngesikhathi esamukelekayo; O Nkulunkulu, ngilalele ngobubele bakho obukhulu, eqinisweni lensindiso yakho.
Lezi zinto eziyisithupha uJehova azizondayo: yebo, eziyisikhombisa ziyisinengiso kuye.
Omubi makashiye indlela yakhe, nongalungile imicabango yakhe; aphenduke eNKOSIni, njalo izaba lesihawu kuye; nakuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakuthethelela kaningi.
Indlu yethu engcwele nenhle lapho okhokho bethu ababekudumisa khona ishisiwe ngomlilo, futhi zonke izinto zethu ezithandekayo zichithiwe.
UDaniyeli esezwile ukuthi umbhalo usayiniwe, wangena endlini yakhe; amafasitele ekamelo lakhe evulekile ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ebenzile ngaphambili.
Emva kwalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo; bayakumesaba uJehova nomusa wakhe ekupheleni kwezinsuku.
Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, zikhetheleni namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza; noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo ababephesheya komfula, nonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.