U-Abrahama waqamba leyo ndawo ngokuthi: INkosi Jire; njengoba kuthiwa kuze kube lamuhla: Entabeni yeNkosi kuzalungiselelwa.
AmaHubo 46:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora. Isihlabelelo se-Alamoti. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ulusizo olutholakala kakhulu ekuhluphekeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. IsiZulu 2020 UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. |
U-Abrahama waqamba leyo ndawo ngokuthi: INkosi Jire; njengoba kuthiwa kuze kube lamuhla: Entabeni yeNkosi kuzalungiselelwa.
noZakariya, no-Asiyeli, noSemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noMahaseya, noBenaya, benezingubhu ze-Alamoti;
Ngakhala kuwe, Nkosi, ngathi: Wena uyisiphephelo sami lesabelo sami elizweni labaphilayo.
Kumholi wokuhlabelela, iMasigili, lamadodana kaKora. Njengendluzele ilangazelela imifula yamanzi, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena, Nkulunkulu.
IsiHlabelelo neHubo lamadodana kaKora. Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.
Kumholi wokuhlabelela eGiti. Ihubo lamadodana kaKora. Athandeka kanjani amatende akho, Jehova Sebawoti!
Kumholi wokuhlabelela, ihubo lamadodana kaKora. Jehova, wawuyintokozo ezweni lakho, wabuyisa isiphetho sikaJakobe.
UJehova uyakuba yisiphephelo kocindezelweyo, isiphephelo ngezikhathi zokuhlupheka.
Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla, nabantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.
Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!
Ngoba yisiphi isizwe esikhulu esingaka uNkulunkulu oseduze kuso njengoJehova uNkulunkulu wethu kukho konke esimbiza ngakho?
ukuze, ngezinto ezimbili ezingaphendukiyo, okungekwenzeki ukuthi uNkulunkulu aqambe amanga ngazo, sibe lenduduzo elamandla thina esibalekeleyo ukuze sibambe ithemba elibekwe phambi kwethu;