Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHoseya inkosi yase-Asiriya yalithumba iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala naseHabori ngasemfuleni iGoshani nasemizini yamaMede.
AmaHubo 44:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wasinika njengezimvu ezidliwayo; wasihlakazela phakathi kwabezizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Usinikezele ukudliwa njengezimvu, wasihlakaza phakathi kwabezizwe. IsiZulu 2020 Usenze safana nezimvu zokuhlatshwa, wasihlakazela phakathi kwezizwe. |
Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHoseya inkosi yase-Asiriya yalithumba iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala naseHabori ngasemfuleni iGoshani nasemizini yamaMede.
Bonke abenzi bokubi abanakwazi na? abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuJehova.
Kumholi wokuhlabelela eShushaneduti, uMikitamu kaDavide, ukuba afundise, lapho ebambana ne-Aramuna-Haraimi ne-Aramusoba, ekubuyeni kukaJowabe, wabulala kwa-Edomi esiGodini Sikasawoti abayizinkulungwane eziyishumi nambili. O Nkulunkulu, usilahlile! Wasihlakaza, Wathukuthela; O Ziphendulele kithi futhi.
Kepha wena Jehova uyangazi; Wangibona futhi wavivinya inhliziyo yami mayelana Nawe; Bakhumule njengezimvu zokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.
Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke engabaxosha kuwo ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami nangentukuthelo enkulu; ngiyakubabuyisela kule ndawo, ngibenze bahlale belondekile.
Njengomalusi ebheka umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezihlakazekileyo; ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizikhulule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolumnyama.
Bayakuwa ngosiko lwenkemba, bathunjelwe ezizweni zonke, iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.
Njengokulotshiweyo ukuthi: Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke; sibalwa njengezimvu zokuhlatshwa.
UJehova uyakunihlakaza phakathi kwabantu bonke, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu enaningabazi wena nawoyihlo, imithi namatshe.
UJehova uyakunihlakaza phakathi kwezizwe, nisale niyingcosana phakathi kwezizwe uJehova eyakuniholela kuzo.
Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke, ukuze bangabe besakwazi ukuma phambi kwezitha zabo.