Njengoba ufikile izolo, kufanele ngikuvumele wehle njalo kanye nathi namuhla? njengoba ngiya lapho engiya khona, buyani nithathe abafowenu; umusa neqiniso makube nawe!
AmaHubo 43:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho; mabangiqondise; mabangiyise entabeni yakho engcwele nasematendeni akho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho, kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele nasezindlini zakho, IsiZulu 2020 Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho, makungihole kungiyise entabeni yakho engcwele, nasezindlini zakho, |
Njengoba ufikile izolo, kufanele ngikuvumele wehle njalo kanye nathi namuhla? njengoba ngiya lapho engiya khona, buyani nithathe abafowenu; umusa neqiniso makube nawe!
Inkosi yathi kuSadoki: “Buyisela umphongolo kaNkulunkulu emzini; uma ngifumana umusa emehlweni kaJehova, uyakungibuyisa, angibonise wona nendawo yakhe yokuhlala.
Bawuletha umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi kwetende uDavide alimisele wona, banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.
noSadoki, umpristi, nabafowabo, abapristi, phambi kwetabernakele likaJehova endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni;
Ngokuba itabernakele likaJehova uMose alenza ehlane ne-altare lomnikelo wokushiswa ngaleso sikhathi kwakusendaweni ephakeme yaseGibeyoni.
Ngifundise ukwenza intando yakho; ngoba wena unguNkulunkulu wami. Umoya wakho muhle; ngiholele ezweni lobuqotho.
Ungagodli kimi umusa wakho, Jehova; umusa wakho nokuthembeka kwakho makungilondoloze njalo.
Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngithulula umphefumulo wami phakathi kwami; ngoba ngahamba nesixuku, ngaya nabo endlini kaNkulunkulu, ngezwi lokujabula nokudumisa, kanye nesixuku ebesenza idili.
Kukhona umfula, imifudlana yawo ethokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yamatabernakele oPhezukonke.
Uyakuthumela esezulwini angisindise ehlazweni lalowo obefuna ukungidla. Sela. UNkulunkulu uzothumela umusa wakhe neqiniso lakhe.
Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama, futhi ngilala phakathi kwabashiswa umlilo, amadodana abantu amazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, nolimi lwabo luyinkemba ebukhali.
Kumholi wokuhlabelela eGiti. Ihubo lamadodana kaKora. Athandeka kanjani amatende akho, Jehova Sebawoti!
Uzafakazela iqiniso kuJakobe lakuAbrahama umusa owathembisa okhokho bethu ngesifungo kusukela ezinsukwini.
Ungathokozi ngami, sitha sami; uma ngiwa, ngiyakuvuka; uma ngihlezi ebumnyameni, uJehova uyakuba ngukukhanya kimi.