Kwasekubikelwa uDavida, kwathiwa: UAhithofeli uphakathi kwamagobe kaAbisalomu. UDavide wathi: “Jehova, guqula icebo lika-Ahithofeli libe ubuwula.
AmaHubo 43:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngahlulele, Nkulunkulu, ungivikele esizweni esibi; ngikhulule kumuntu onenkohliso nongalungile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa, ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga. IsiZulu 2020 Ngahlulele Nkulunkulu, umele indaba yami kubantu abangethembekile, ungikhulule konenkohliso nongalungile. |
Kwasekubikelwa uDavida, kwathiwa: UAhithofeli uphakathi kwamagobe kaAbisalomu. UDavide wathi: “Jehova, guqula icebo lika-Ahithofeli libe ubuwula.
U-Abisalomu wayesethi ku-Ahithofeli: “Cemani phakathi kwenu ukuthi siyakwenzani.”
Ngokuba impi yahlakazeka ezweni lonke, nehlathi ladla abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba.
Abazidlayo bangifihlele ugibe nezintambo; beneka inetha endleleni; bangifakela igin. Sela.
Ihubo likaDavide. Ngahlulele, Jehova; ngokuba ngihambile ekulungeni kwami; nami ngathembela kuJehova; ngakho-ke angiyikushelela.
Ngahlulele, Jehova Nkulunkulu wami, ngokulunga kwakho; futhi kabangathokozi ngami.
Ngokuba abezizwe bangivukele, nabacindezeli bafuna umphefumulo wami; kababekanga uNkulunkulu phambi kwabo. Sela.
UJehova uyakwahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, njengokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.
Ububi bababi mabuphele; kodwa uqinise abalungileyo, ngokuba uNkulunkulu olungileyo uhlola izinhliziyo nezinso.
Ngisindise, Nkulunkulu wami, esandleni somubi, esandleni somuntu ongalungile nononya.
Ngiyakuthwala ukufutheka kukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze angiphendulele indaba yami, anginike ubulungisa; Uyongikhiphela ekukhanyeni, futhi ngiyobona ukulunga kwakhe.
Ngokuba angazi lutho ngokwami; nokho angilungisiswa ngalokho, kepha ongahlulelayo yiNkosi.
owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga.
UJehova makabe ngumahluleli nomahluleli phakathi kwami nawe, abheke, amele indaba yami, angisindise esandleni sakho.