Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 15:31 - Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kwasekubikelwa uDavida, kwathiwa: UAhithofeli uphakathi kwamagobe kaAbisalomu. UDavide wathi: “Jehova, guqula icebo lika-Ahithofeli libe ubuwula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Abisalomu.” Wayesethi uDavide: “Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

31 Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Absalomu.” Wayesethi uDavide: “Simakade, ake uwenze inhlekisa amasu ka-Ahithofeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 15:31
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abisalomu wathumela wabiza u-Ahithofeli waseGiloni, umeluleki kaDavide, emzini wakubo eGilo, esanikela imihlatshelo. Uzungu lwaqina; abantu banda njalo ku-Abisalomu.


Iseluleko sika-Ahithofeli asinikeza ngalezo zinsuku sasinjengokungathi umuntu ubuza ezwini likaNkulunkulu; sasinjalo sonke iseluleko sika-Ahithofeli kuDavide naku-Abisalomu.


U-Abisalomu nawo onke amadoda akwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi um-Arki singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli. Ngokuba uJehova wanquma ukuchitha iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ngenjongo yokuthi uJehova uzomehlisela okubi u-Abisalomu.


U-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, waya endlini yakhe emzini wakubo, wayala indlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


U-Abisalomu wayesethi: “Bizani noHushayi um-Ariki, sizwe ukuthi uthini nje.”


UHusayi wathi ku-Abisalomu: “Iseluleko sika-Ahithofeli asisihle ngalesi sikhathi.”


Uyawashafisa amacebo obuqili, ukuze izandla zabo zingakwazi ukwenza umsebenzi wabo.


Bangihaqa ngamazwi enzondo; walwa nami ngaphandle kwesizathu.


Ihubo likaDavide, lapho ebalekela u-Abisalomu indodana yakhe. Jehova, yeka ukuthi baningi abangihluphayo; baningi abangivukelayo.


Yebo, nomngane wami engangimethemba, owayedla isinkwa sami, wangiphakamisela isithende sakhe.


Imini nobusuku bayawudwengula ezindongeni zawo; nobubi nosizi kukuwo.


Ngokuba akusiso isitha esangithuka; ngabe sengikwazi ukuligqoka; futhi akusiye owangizondayo ozikhukhumezile kimi; ngabe sengimcashele;


Umoya waseGibhithe uyophela phakathi kwawo; futhi ngizochitha iseluleko sakhe, futhi bayofuna onkulunkulu nabathakathi nemimoya yabafileyo nabathakathi.


echitha izibonakaliso zabaqamba amanga, ehlanyisa abahlola imihlola; ababuyisela emuva abahlakaniphileyo, benze ulwazi lwabo lube buthutha;


Kangikhulumi ngani lonke; ngiyabazi engibakhethileyo, kodwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Odla isinkwa lami ungiphakamisele isithende sakhe.


Uphi ohlakaniphileyo? uphi umbhali na? uphi umbangi walomhlaba na? UNkulunkulu akakwenzanga kwaba yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na?


Lokhu kuhlakanipha kakuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, kwemvelo, kobudeveli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka