AmaHubo 4:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 O bantwana babantu, koze kube nini inkazimulo yami ihlazekile? Koze kube nini nithanda okuyize nifuna inkokhelo na? Sela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Madodana abantu, koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela* IsiZulu 2020 Madodana abantu, kuyoze kube nini nithunaza isithunzi sami na? Kuyoze kube nini nithanda okuyize, nifuna okungamanga na? Sela |
Kepha wena Jehova uyisihlangu sami; inkazimulo yami nokuphakanyiswa kwekhanda lami.
Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama, futhi ngilala phakathi kwabashiswa umlilo, amadodana abantu amazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, nolimi lwabo luyinkemba ebukhali.
Kumholi wokuhlabelela, u-Altashiti, uMiktamu van Davide. Ingabe ngempela uyakhuluma ubulungisa, bandla? nahlulela kahle nina madodana abantu na?
Kodwa inkosi izathokoza ngoNkulunkulu; bonke abafunga ngaye bayakuzibonga, kepha umlomo wabakhuluma amanga uyakuvinjwa.
OMose no-Aroni bafika kuFaro, bathi kuye: “Isho kanje iNkosi uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ithi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? yekela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze.
Koze kube nini nina zithutha nithanda ubuwula? nezideleli zijabulela ukuklolodela, neziwula zizonda ukwazi?
Ngoba ukwahlulelwa kwesenzo esibi kakufiki masinyane, ngakho inhliziyo yabantwana babantu igcwele ukwenza okubi.
Kubi kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi kube nesigameko sinye kubo bonke; yebo, nenhliziyo yabantwana babantu igcwele ububi, nokuhlanya kusenhliziyweni yabo besaphila, ngasemuva bahlubuka yana kwabafileyo.
Bayakuba namahloni, babe namahloni ngeKushe ababelilindele, nangeGibithe inkazimulo yabo.
Akekho ocela ubulungisa futhi akekho omela iqiniso; bathembela ezeni, bakhuluma amanga; bakhulelwa okubi, bazale ububi.
Isizwe sishintshile yini onkulunkulu baso, abangebona onkulunkulu na? kepha abantu bami banana udumo lwabo ngalokho okungasizi ngalutho.
Usho kanje uJehova, uthi: “Buni ububi oyihlo ababufumana kimi, baze basuka kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?
Futhi bagoba ulimi lwabo njengomnsalo ukuze baqambe amanga, kodwa kabanasibindi ngeqiniso emhlabeni; ngoba basuka kokubi baye kokubi, njalo kabangazi, kutsho i Nkosi.
Njengoba banda, kanjalo bona kimi; ngalokho ngiyakuphendula udumo lwabo lube yihlazo.
INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na?
Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye komunye.