Ihubo likaDavide. Yizwa umkhuleko wami, Jehova, uzwe ukunxusa kwami; ngizwe ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.
AmaHubo 31:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyethemba wena Jehova; ungangijabhisi; ngisindise ngokulunga kwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova; mawungangijabhisi naphakade; ngikhulule ngokulunga kwakho. IsiZulu 2020 Simakade, ngiphephela kuwe, mangingajabhiswa naphakade, ngikhulule ngokulunga kwakho. |
Ihubo likaDavide. Yizwa umkhuleko wami, Jehova, uzwe ukunxusa kwami; ngizwe ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.
Nkulunkulu wami, ngithemba wena; ungangivumeli ngibe namahloni, zingangijabuleli izitha zami.
Ngahlulele, Nkulunkulu, ungivikele esizweni esibi; ngikhulule kumuntu onenkohliso nongalungile.
Amakhosi ayakuba ngoyise, nezindlovukazi zabo zibe ngonyoko; bayakukhothama phambi kwakho ubuso babo bubheke phansi, bakhothe uthuli ezinyaweni zakho; futhi niyokwazi ukuthi nginguJehova, ngoba abalindele kimi ngeke babe namahloni.
O Jehova, ngokuvumelana nakho konke ukulunga kwakho, makususwe intukuthelo yakho nolaka lwakho emzini wakho iJerusalema, intaba yakho engcwele, ngenxa yezono zethu nangenxa yobubi bawokhokho bethu iJerusalema nabantu bakho. Ihlazo kubo bonke abaphezu kwethu.
Futhi ithemba alijabhisi; ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.