Iyakukhulula umphefumulo wayo ekuyeni egodini, nokuphila kwayo kuyobona ukukhanya.
AmaHubo 30:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, uwuphakamisile umphefumulo wami eHayidese; Wangigcina ngiphila, ukuze ngingehlele egodini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo, wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini. IsiZulu 2020 Simakade ukhulule umoya wami endaweni yabafileyo, wangigcina ngiphilile, angaze ngashona egodini. |
Iyakukhulula umphefumulo wayo ekuyeni egodini, nokuphila kwayo kuyobona ukukhanya.
Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.
Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami esihogweni; futhi ngeke uvumele oNgcwele wakho abone ukonakala.
Ihubo likaDavide. Ngikhala kuwe, Jehova, dwala lami; ungangithuli, funa ungithulele, ngingabi njengabehlela egodini.
Ngokuba uwusindisile umphefumulo wami ekufeni; Awuyikukhulula izinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe phambi kukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo na?
Wena ongenze ngabona izinhlupheko ezinkulu nezibuhlungu, uyakungiphilisa, ungikhuphule ekujuleni komhlaba.
Ngokuba umusa wakho mkhulu kimi, uwukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo.
O Nkosi, kuzo zonke lezi zinto abantu baphila, futhi kuzo zonke lezi zinto kukhona ukuphila komoya wami; ngalokho uyakungibuyisela, ungenze ngiphile.