Wathi: “Zwanini, nonke Juda, nani enakhileyo eJerusalema, nenkosi uJehoshafati: Usho kanje uJehova kini, uthi: Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu; ngoba impi kayisiyo eyenu, kodwa ngekaNkulunkulu.
AmaHubo 27:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Noma impi ingikanisa, inhliziyo yami ayesabi; noma ngivuka impi, ngiyakwethemba lokho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Noma impi imisa ngakimi, inhliziyo yami ayesabi; noma ngivukelwa ngukulwa, nokho nginethemba. IsiZulu 2020 Noma impi ingakanisa imelane nami, inhliziyo yami ayiyukwesaba, ngisho impi ingangivukela, nokho ngiyoba neqholo. |
Wathi: “Zwanini, nonke Juda, nani enakhileyo eJerusalema, nenkosi uJehoshafati: Usho kanje uJehova kini, uthi: Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu; ngoba impi kayisiyo eyenu, kodwa ngekaNkulunkulu.
Lokhu akusikho yini ukwesatshwa kwakho, ithemba lakho, ithemba lakho, nobuqotho bezindlela zakho?
Vuka, Jehova; ngisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba uzishaye zonke izitha zami emhlathini; Uwaphulile amazinyo ababi.
ningethuswe ngalutho ngabamelene nani, okuwuphawu lokubhubha kubo, kodwa kinina lwensindiso, nolukaNkulunkulu.
Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.
Kwabuye kwaba khona impi, uDavide waphuma walwa namaFilisti, wawabulala ngokuceka okukhulu; bambalekela.