UDavide wazakhela izindlu emzini kaDavide, walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela itende.
AmaHubo 24:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova na? Ngubani oyakuma endlini yakhe engcwele na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na? IsiZulu 2020 Ngubani nje oyokhuphukela entabeni kaSimakade na? Ngubani oyokuma endaweni yakhe engcwele na? |
UDavide wazakhela izindlu emzini kaDavide, walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela itende.
Ihubo likaDavide. Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? ngubani oyakuhlala entabeni yakho engcwele na?
Ubusisiwe umuntu omkhethayo, umvumele asondele kuwe, ukuze ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, okwethempeli lakho elingcwele.
Wenyukela ezindaweni eziphakemeyo, wathumba abathunjwa; ukwamukela abantu izipho; yebo, nakwabahlubukayo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale phakathi kwabo.
UJehova wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lalela, ubone ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho konke engikusho kuwe ngazo zonke izimiso zendlu kaJehova nemithetho yayo yonke; niqaphele umnyango wendlu, nazo zonke izindlela zokuphuma endlini engcwele.
Usho kanje uJehova, uthi: “Akukho owezizwe ongasokile ngenhliziyo nongasokile ngenyama oyakungena endlini yami engcwele, nakunoma yimuphi owezizwe ophakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
UMose wayesethi ku-Aroni: “Yilokhu uJehova akukhulumayo ngokuthi: ‘Ngizangcweliswa kulabo abasondela kimi, futhi phambi kwabo bonke abantu ngiyodunyiswa. U-Aroni wathula.
Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.
USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na? UJesu wamphendula wathi: Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela ngasemuva.
UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.
Ngakho-ke njengoba semukela umbuso ongenakuzanyazanyiswa, masibe nomusa esingakhonza ngawo uNkulunkulu ngokwamukelekayo ngokuhlonipha nokwesaba uNkulunkulu.