UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphumuzanga na? ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe lanqotshwa phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.
AmaHubo 18:39 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wangibhincisa amandla okulwa; Abangivukelayo wababeka phansi kwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami. IsiZulu 2020 Wena ungibhincisa amandla ukuze ngimelane nempi, abangivukelayo ubenze bangikhothamela. |
UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphumuzanga na? ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe lanqotshwa phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.
Yishoni kuNkulunkulu ukuthi: “Yeka ukwesabeka kwakho emisebenzini yakho! ngobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba kuwe.
Kodwa owona kimi ulimaza umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.
Usho kanje uJehova, uthi: “Umsebenzi waseGibithe nempahla ethengiswayo yaseKushe neyamaSheba, abantu abade, kuyakufika kuwe, kube okwakho; bayakuza emva kwakho; bayakuza kuwe beboshwe ngamaketanga; bayokuncenga bathi: Ngempela, uNkulunkulu ukuwe; futhi akakho omunye, akakho uNkulunkulu.
Futhi ubeke zonke izinto ngaphansi kwezinyawo zakhe, futhi wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke ebandleni.
Oyakuguqula umzimba wethu odelelekile, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, namandla anamandla okuzehlisa ngawo zonke izinto ngaphansi kwakhe.