AmaHubo 18:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngizabiza i Nkosi efanele ukudunyiswa; ngakho ngizakhululwa ezitheni zami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami. IsiZulu 2020 Ngikhala kuSimakade omele ukudunyiswa, ngisindiswe ezitheni zami. |
Khona-ke amaLevi, oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHasabhinja, noSherebja, noHodija, noSebanja, noPhetaja, bathi: “Sukumani nimdumise uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade naphakade, negama lakhe elitusekayo eliphakeme ngaphezu kwazo zonke izibusiso nodumo.
Ihubo likaDavide. Makabongwe uJehova, mandla ami, ofundisa izandla zami ukulwa neminwe yami ukulwa.
UJehova mkhulu futhi kufanele adunyiswe kakhulu; nobukhulu bakhe abunakulinganiswa.
IsiHlabelelo neHubo lamadodana kaKora. Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.
Koze kube nini niceba okubi ngomuntu? niyakubulawa nonke; njengodonga olugobayo nanjengothango oludilikayo.
Themba kuye njalo; zizwe, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe: uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela.
Yiba yindawo yami yokuhlala yaphakade engingaphephela kuyo njalonjalo; Wayala ukuba ngisindise; ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami.
Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye osizini; ngiyakumkhulula, ngimdumise;
Ngokuba mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; Uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.
Jehova, mandla ami, nenqaba yami, nesiphephelo sami ngosuku lwenhlupheko, abezizwe bayakuza kuwe bevela emikhawulweni yomhlaba, bathi: Obaba badla ifa lamanga, okuyize, nezinto ezingenakusiza.
Ufanele, Nkosi, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wena wadala zonke izinto, nangokwentando yakho zikhona, zadalwa.