AmaHubo 148:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi wabaqinisa kuze kube phakade naphakade; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Futhi wakumisa kuze kube phakade; washaya umthetho ongenakweqiwa. IsiZulu 2020 Wakumisa kwaze kwaba phakade naphakade, wakushayela umthetho okungenakuweqa. |
Liyokuma kuze kube phakade njengenyanga nanjengofakazi othembekile ezulwini. Sela.
UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe amandla, azibhincile; nezwe lilungisiwe, ukuze linganyakaziswa.
Ngokuba kimi kunjengamanzi kaNowa, ngokuba njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awasayikudlula phezu komhlaba; ngakho ngafunga ukuthi ngeke ngikuthukuthelele futhi ngeke ngikusole.
Usho kanje uJehova, uthi: “Uma isivumelwano sami singeyemini nobusuku, noma ngingakamisanga izimiso zezulu nomhlaba;