Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyophakama ngodumo.
AmaHubo 148:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyaluphakamisa uphondo lwabantu bakhe, udumo lwabangcwele bakhe bonke; wabantwana bakwa-Israyeli, abantu ababeseduze naye. Dumisani uJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe, abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye. Haleluya! IsiZulu 2020 Useluphakamisile udumo lwabantu bakhe, ngalokho-ke abethembekileyo bakhe bayamdumisa, abantu bakwa-Israyeli; abantu abaseduze naye. Haleluya! |
Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyophakama ngodumo.
ukuze enze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo sokuthi: Loludumo lulodumo lwabangcwele bakhe bonke. Dumisani uJehova.
Ngiyakunquma zonke izimpondo zababi; kepha izimpondo zabalungileyo ziyakuphakanyiswa.
Ngoba wena uyinkazimulo yamandla abo, langokuthanda kwakho uphondo lwethu luzaphakanyiswa.
Ngokuba uJehova uyisiphephelo sethu; futhi oNgcwele ka-Israyeli uyinkosi yethu.
Kepha nina niyakuluphakamisa uphondo lwami njengolwenyathi, ngigcotshwe ngamafutha amasha.
Ngiphulukise, Jehova, ngiyakuphiliswa; ngisindise, ngiyakusindiswa, ngokuba wena uludumo lwami.
Ngakho-ke aniseyibo abezizwe nezihambi, kodwa niyizakhamuzi ezikanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu;
Uludumo lwakho, unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo azibonileyo amehlo akho.
Ngoba yisiphi isizwe esikhulu esingaka uNkulunkulu oseduze kuso njengoJehova uNkulunkulu wethu kukho konke esimbiza ngakho?
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;
UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyajabula kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami uvulekile phezu kwezitha zami; ngoba ngithokoza ngensindiso yakho.