Uma bona kuwe (ngokuba akukho muntu ongoni) bese ubathukuthelela, ubanikele esandleni sesitha, ukuze babathumbe babayise ezweni lesitha, elikude noma eliseduze;
AmaHubo 143:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba phambi kwakho akukho muntu ophilayo oyakulungisiswa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho. IsiZulu 2020 Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho. |
Uma bona kuwe (ngokuba akukho muntu ongoni) bese ubathukuthelela, ubanikele esandleni sesitha, ukuze babathumbe babayise ezweni lesitha, elikude noma eliseduze;
Uyini umuntu ukuba abe mhlophe? nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?
Pho umuntu angalungisiswa kanjani nguNkulunkulu? Ozelwe ngowesifazane angaba msulwa kanjani na?
Ingabe umuntu ofayo uyolunga ngaphezu kukaNkulunkulu? Umuntu angaba msulwa kunoMenzi wakhe na?
Gcina umusa kwabayizinkulungwane, uthethelele ububi neziphambeko nezono, futhi awusoze wakhulula onecala; ohambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana kwesesithathu nesesine isizukulwane.
Ngakho-ke ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe, ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.
sisazi ukuthi umuntu kalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kodwangokholo lukaJesu Kristu, lathi sakholwa kuKristu Jesu, ukuze silungisiswe ngokukholwa kuKristu, njalo kungeyisikho ngemisebenzi yomlayo; ngoba ngemisebenzi yomthetho kakulanyama ezalungisiswa.