AmaHubo 142:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lalela ukukhala kwami; ngokuba ngithotshisiwe kakhulu; ngikhulule kwabangizingelayo; ngoba banamandla kunami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami. IsiZulu 2020 Kulalele ukukhala kwami, ngokuba ngicindezeleke kakhulu, ungihlenge kwabangizingelayo, ngoba banamandla kunami. |
Ngokuba isitha sizingele umphefumulo wami; Washaya ukuphila kwami phansi; Wangihlalisa ebumnyameni njengabafa kudala.
Ngizwe, Jehova, umoya wami uyadangala; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabehlela egodini.
(Umkhuleko kaDavide.) Zwana, Jehova, mahluleli, uzwe ukukhala kwami, uzwe umkhuleko wami ongaphumi ezindebeni ezikhohlisayo.
Wangisindisa esitheni sami esinamandla nakubo ababengizonda, ngokuba babenamandla kunami.
Ngaphela amandla, ngaphandle kokuthi ngikholwe ukuthi ngizakubona okuhle kukaJehova elizweni labaphilayo.
Ihubo likaDavide, lapho ebalekela u-Abisalomu indodana yakhe. Jehova, yeka ukuthi baningi abangihluphayo; baningi abangivukelayo.
Kodwa izitha zami ziyaphila, zilamandla, lalabo abangizonda ngokungafanele bayanda.
Ngakho-ke asiyikwesaba, noma kuzamazama umhlaba, nezintaba zikhukhulwa phakathi kolwandle;
Ngokuba bheka, baqapha umphefumulo wami; hhayi ngenxa yesiphambeko sami noma ngenxa yesono sami, Jehova.
Ungakhumbuli ububi bethu besikhathi esidlule; umusa wakho mawubonakale kithi masinyane, ngokuba sithotshisiwe kakhulu.
Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? nguNkulunkulu olungisisayo.
Inkosi yakwa-Israyeli yaphumela kubani na? ujaha bani? enjeni efileyo, ezelezeni.