INkosi uNkulunkulu yathi kowesifazane: “Kuyini lokhu okwenzileyo?” Wathi owesifazane: Inyoka ingikhohlisile, ngadla.
AmaHubo 140:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Balola ulimi lwabo njengenyoka; isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayalola ulimi lwabo njengenyoka; isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela* IsiZulu 2020 Ulimi lwabo balulola lukhaliphe njengolwenyoka, isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela |
INkosi uNkulunkulu yathi kowesifazane: “Kuyini lokhu okwenzileyo?” Wathi owesifazane: Inyoka ingikhohlisile, ngadla.
Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama, futhi ngilala phakathi kwabashiswa umlilo, amadodana abantu amazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, nolimi lwabo luyinkemba ebukhali.
Bheka, bayaxokozela ngomlomo wabo; izinkemba zisezindebeni zabo; ngoba bathi ngubani ozwayo?
Bakhona abakhuluma njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luphilile.
ngokweqa uJehova, nokuqamba amanga, nokuhlubuka kuNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokuhlubuka, nokukhuluma inkohliso namazwi angamanga asuka enhliziyweni.
Futhi bagoba ulimi lwabo njengomnsalo ukuze baqambe amanga, kodwa kabanasibindi ngeqiniso emhlabeni; ngoba basuka kokubi baye kokubi, njalo kabangazi, kutsho i Nkosi.
Futhi bayakukhohlisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, bangakhulumi iqiniso;
Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Kodwa ngiyesaba ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu zonakaliswe, zisuke ebuqothweni obukuKristu.