AmaHubo 139:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Impela uyakubulala ababi, Nkulunkulu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu; ngalokho sukani kimi nina bantu begazi. IsiZulu 2020 Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi. |
Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.
Sukani kimi nina nonke benzi bokubi! ngokuba uJehova wezwa izwi lokukhala kwami.
Kepha uNkulunkulu uyakucibishela kubo ngomcibisholo; ngokuzumayo bayakulinyazwa.
Ababi bayakuphendulelwa endaweni yabafileyo, nezizwe zonke ezikhohlwa uNkulunkulu.
Ngokuba ompofu akayikukhohlakala njalo; ithemba labampofu aliyikubhubha phakade.
Futhi uyoletha ububi babo phezu kwabo futhi ababhubhise ngobubi babo; yebo, uJehova uNkulunkulu wethu uyakubabhubhisa.
Kodwa ngobulungisa iyokwahlulela abampofu futhi isole abathobekileyo bomhlaba ngobuqotho; futhi uyoshaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, futhi ngomoya wezindebe zakhe uyobulala ababi.
Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;
Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.
Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,