AmaHubo 139:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho ngibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, ngisenawe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe. IsiZulu 2020 Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe. |
Mina-ke, ngizabubona ubuso bakho ekulungeni; Ngiyokwaneliswa ekuvukeni kwami, ngomfanekiso wakho.
Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile; ziningi kunezinwele zekhanda lami; ngalokho inhliziyo yami ingiphazamisile.
Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nemicabango yakho kithi; akunakubalelwa kuwe; kubalwe izinombolo.
Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandanga; uzivulile izindlebe zami; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwufunanga.
Abafileyo benu bayakuphila, kanye nezidumbu zami bayovuka. Vukani nihlabelele nina enihlala othulini, ngokuba amazolo enu anjengamazolo emifino, umhlaba ukhiphe abafileyo.
Abaningi kwabalele othulini lomhlaba bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ehlazweni nasekudelweni okuphakade.