Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 137:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba lapho abasithumbileyo basibiza ihubo; nabasichithayo bafuna intokozo yethu, bathi: Sihlabeleleni elinye lamahubo aseZiyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba abasithumbileyo bacela ukuba sihlabelele igama, nabahluphi bethu bafuna injabulo, bethi: “Sihlabeleleni elinye lamagama aseSiyoni.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngokuba ababesithumbile bacela ukuba sihlabelele ihubo, nabahluphi bethu bafuna ukujatshuliswa, bethi: “Sihlabeleleleni amanye amahubo aseZiyoni.”

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 137:3
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo, nawo onke amaLevi ayethwala umphongolo, nabahlabeleli, noKenaniya induna yokuhlabelela kanye nabahlabeleli; UDavide wayembethe ingubo yasehlombe yelineni.


Ngalolo suku uDavide wanikela okokuqala lelihubo lokubonga uJehova esandleni sika-Asafa nabafowabo.


Wasekhuluma phambi kwabafowabo lebutho lebutho leSamariya wathi: Enzani lamaJuda abuthakathaka? bazoziqinisa na? bazahlabela yini? zizophela ngosuku? bayowavusa amatshe ezinqwabeni zemfucumfucu eshile na?


Kumholi wokuhlabelela, ihubo nesihlabelelo sikaDavide. Indumiso ikuwe, Nkulunkulu, eSiyoni, sifezeke kuwe isithembiso.


Ihubo lika-Asafa. O Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; balingcolisile ithempeli lakho elingcwele; babeka iJerusalema laba yizinqwaba.


Uyasixabanisa nabakhelwane bethu, nezitha zethu zisihleke zodwa.


Ukuze ngishumayele zonke izindumiso zakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni; ngizakwethaba ngensindiso yakho.


Njengokhumula ingubo lapho kubanda, nanjengoviniga esitsheni sikasawoti, unjalo ohubela inhliziyo edabukileyo.


Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni behlabelela, benokuthokoza okuphakade emakhanda abo; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa, kubaleke usizi nokububula.


Ngakho abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni ngokuthokoza; futhi injabulo yaphakade iyoba phezu kwekhanda labo; bayothola intokozo nentokozo; usizi nokulila kuyakubaleka.


UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba; nentaba yendlu injengeziqongo zehlathi.


Ngiyakwenza iJerusalema libe yizinqwaba, umhume wezimpungushe; futhi ngiyoyenza imizi yakwaJuda ibe ihlane elingenamuntu.


Ngalokho iSiyoni liyakulinywa ngenxa yenu njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba, nentaba yendlu ibe njengeziqongo zehlathi.


Ngokuqondene nalezi zinto enizibonayo, kuyeza izinsuku okungayikushiywa ngazo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.