Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 136:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kuyena owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 136:16
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabahola ngensika yefu emini; nasebusuku ngensika yomlilo ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


Kepha awubashiyanga ngobuningi bobubele bakho ehlane; insika yefu ayizange isuke kubo emini ukubaqondisa endleleni; nensika yomlilo ebusuku ukubabonisa ukukhanya nendlela okufanele bahambe ngayo.


Wahola abantu bakho njengomhlambi ngesandla sikaMose no-Aroni.


Kodwa uNkulunkulu wabajikelezisa abantu endleleni eya ehlane loLwandle LwaseShelefu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe.


UMose wayesebahola abakwa-Israyeli besuka eLwandle Olubomvu, baphuma baya ehlane laseSuri; bahamba insuku ezintathu enkangala, kabatholanga manzi.


Abayikulamba, noma bome; futhi ukushisa nelanga ngeke kubashaye; ngokuba lowo onomusa kubo uyakubahola, abahole ngasemithonjeni yamanzi.


nalokho akwenza kini ehlane, naze nafika kule ndawo;


owanihola ogwadule olukhulu nolwesabekayo, okwakukhona kulo izinyoka ezinomlilo nawofezela nesomiso, lapho kwakungekho manzi khona; owanikhiphela amanzi edwaleni;


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha.