Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 134:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

Phakamiselani izandla zenu endlini engcwele nidumise uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Phakamiselani izandla zenu endlini engcwele, nimbonge uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Phakamiselani izandla zenu ngasendaweni engcwele, nibonge uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 134:2
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Ezra wambonga uJehova, uNkulunkulu omkhulu. Bonke abantu baphendula bathi: Amen, amen, ngokuphakamisa izandla zabo; bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.


Umkhuleko wami mawube yimpepho phambi kwakho; nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomhlatshelo.


Ngiyakugeza izandla zami ngingenacala; kanjalo ngiyakuzungeza i-altare lakho, Jehova;


Yizwa izwi lokunxusa kwami, lapho ngikhala kuwe, lapho ngiphakamisela izandla zami endlini yakho engcwele.


ukuze ngibone amandla akho lenkazimulo yakho, njengalokhu ngakubona endaweni engcwele.


Ngakho ngizakubusisa ngisaphila: ngiphakamise izandla zami ebizweni lakho.


Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakukudumisa ngezindebe ezithokozayo.


Vuka, ukhale ebusuku; thulula inhliziyo yakho njengamanzi phambi kukaJehova ekuqaleni kwemilindo; phakamisela kuye izandla zakho ngenxa yokuphila kwabantwana bakho abafa yindlala ezingqongeni zonke zemigwaqo.


Masiphakamisele izinhliziyo zethu ngezandla zethu kuNkulunkulu osezulwini.


Ngakho-ke ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, ngaphandle kolaka nokungabaza.