CAPH. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho, kepha ngethemba izwi lakho.
AmaHubo 13:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha mina ngethemba umusa wakho; inhliziyo yami iyojabula ngensindiso yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngiwuthembile umusa wakho; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho; IsiZulu 2020 Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho. |
CAPH. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho, kepha ngethemba izwi lakho.
Nkulunkulu wami, ngithemba wena; ungangivumeli ngibe namahloni, zingangijabuleli izitha zami.
Yeka ubukhulu bomusa wakho, Nkulunkulu! ngalokho abantwana babantu babeka ithemba labo ethunzini lamaphiko akho.
Ngibuyisele intokozo yensindiso yakho; futhi ungisekele ngomoya wakho okhululekile.
Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngiyethemba umusa kaNkulunkulu kuze kube phakade naphakade.
Ukuze ngishumayele zonke izindumiso zakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni; ngizakwethaba ngensindiso yakho.
Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakwethemba, ngingesabi, ngokuba iNkosi uJehova ingamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso yami.
Babuya abelusi, bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke ababekuzwile nabakubonile, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.
Zigcineni othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu kuze kube ngukuphila okuphakade.
UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyajabula kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami uvulekile phezu kwezitha zami; ngoba ngithokoza ngensindiso yakho.