Ngiyakumfikela ediniwe, ebuthakathaka isandla, ngimethuse; bonke abantu abanaye bayakubaleka; futhi ngizoyinqoba inkosi kuphela.
AmaHubo 124:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umphefumulo wethu uphunyukile njengenyoni ogibeni lwabacuphi; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umphefumulo wethu uphunyukile njengenyoni ogibeni lwabacuphi; ugibe lwaphukile, thina saphunyuka. IsiZulu 2020 Umphefumulo wethu uphunyuke njengenyoni ogibeni lwabacuphi; ugibe lwaphukile, thina saphunyuka. |
Ngiyakumfikela ediniwe, ebuthakathaka isandla, ngimethuse; bonke abantu abanaye bayakubaleka; futhi ngizoyinqoba inkosi kuphela.
Zisindise njengenyamazane esandleni somzingeli nanjengenyoni esandleni somcuphi.
Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho uletha iviyo phezu kwabo ngokuzuma; ngoba bemba umgodi wokungibamba, bafihlela inyawo zami imijibila.
Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi; bacupha ugibe, babambe abantu.
Ngakho uSawule wabuya ekumsukeleni uDavide, waya ukuhlangabezana namaFilisti; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iSelama-Hlekoti.
Kodwa umuntu wasukuma ukukuxotsha lokudinga umphefumulo wakho; kepha umphefumulo wenkosi yami uyakuboshelwa emshungwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; nemiphefumulo yezitha zakho iyoyiphonsa kungathi iphakathi kwendwayimana.