Ngenani emasangweni akhe ngokubonga nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni futhi nidumise iGama laKhe.
AmaHubo 122:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho zikhuphukela khona izizwe, izizwe zeNkosi, kube ngubufakazi bukaIsrayeli, ukudumisa ibizo leNkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaJehova, ngokomthetho ka-Israyeli ukuba idumise igama likaJehova. IsiZulu 2020 lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaSimakade, ngokomthetho wakwa-Israyeli, ukuba idumise igama likaSimakade. |
Ngenani emasangweni akhe ngokubonga nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni futhi nidumise iGama laKhe.
Njengalokho uJehova emyalile uMose, u-Aroni wawubeka phambi kobufakazi ukuba ulondolozwe.
Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova.
UMose waphenduka wehla entabeni, izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sakhe; amatafula ayechazwe nhlangothi zombili; kulotshiwe ngalapha nangalapha.
Kuyakuba khona indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba ahlale kuyo igama lakhe; lapho uyakuletha konke engikuyala ngakho; iminikelo yenu yokushiswa nemihlatshelo yenu, okweshumi kwenu nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu nazo zonke izithembiso zenu zekhethelo enizenza kuJehova.
Kodwa endaweni uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba amise igama lakhe kuyo, ngisho nalapho ehlala khona kumelwe nifune, futhi niyofika lapho.
Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha; ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho.