Nakudala uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha u-Israyeli, wabangenisa; uJehova wathi kuwe: ‘Kumelwe unakekele abantu bami u-Israyeli, futhi wena kumelwe ube umbusi phezu kuka-Israyeli.
AmaHubo 121:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela manje kuze kube phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade. IsiZulu 2020 USimakade uyolondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho, kusukela manje kuze kube phakade. |
Nakudala uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha u-Israyeli, wabangenisa; uJehova wathi kuwe: ‘Kumelwe unakekele abantu bami u-Israyeli, futhi wena kumelwe ube umbusi phezu kuka-Israyeli.
Ngase ngimemezela khona ngasemfuleni i-Ahawa usuku lokuzila ukudla, ukuze sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizifunele kuye indlela eqondileyo thina nabantwana bethu nempahla yethu yonke.
Kwathi ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala sasuka emfuleni i-Ahava saya eJerusalema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu, wasikhulula esandleni sesitha nakulabo abalindile. Konje.
Kepha thina siyakumdumisa uJehova kusukela manje kuze kube phakade. Dumisani uJehova.
Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema, kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kusukela manje kuze kube phakade.