Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 121:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela manje kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

USimakade uyolondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho, kusukela manje kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 121:8
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nakudala uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha u-Israyeli, wabangenisa; uJehova wathi kuwe: ‘Kumelwe unakekele abantu bami u-Israyeli, futhi wena kumelwe ube umbusi phezu kuka-Israyeli.


Ngase ngimemezela khona ngasemfuleni i-Ahawa usuku lokuzila ukudla, ukuze sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizifunele kuye indlela eqondileyo thina nabantwana bethu nempahla yethu yonke.


Kwathi ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala sasuka emfuleni i-Ahava saya eJerusalema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu, wasikhulula esandleni sesitha nakulabo abalindile. Konje.


Malibongwe igama likaJehova kusukela manje kuze kube phakade.


Kepha thina siyakumdumisa uJehova kusukela manje kuze kube phakade. Dumisani uJehova.


Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema, kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kusukela manje kuze kube phakade.


U-Israyeli makathembele kuJehova kusukela manje kuze kube phakade.


Ugcina izindlela zokulunga, agcine indlela yabangcwele bakhe.


Mazi kuzo zonke izindlela zakho, futhi uyokwenza izindlela zakho ziqonde.


Uzaqalekiswa ekungeneni kwakho, uqalekiswe ekuphumeni kwakho.


Uyakubusiswa ekungeneni kwakho, ubusiswe nasekuphumeni kwakho.