Imicibisholo yakho ibukhali enhliziyweni yezitha zenkosi; abantu abawela ngakho phansi kwakho.
AmaHubo 120:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Imicibisholo ebukhali yamaqhawe namalahle ojunipha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imicibisholo ebukhali yeqhawe namalahle omlilo. IsiZulu 2020 Imicibisholo ebukhali yeqhawe namalahle avuthayo omtholo. |
Imicibisholo yakho ibukhali enhliziyweni yezitha zenkosi; abantu abawela ngakho phansi kwakho.
Ngokunjalo uNkulunkulu uyakunibhubhisa kuze kube phakade; uyakukuthatha, akuklebhule endaweni yakho yokuhlala, akunqume ezweni labaphilayo. Sela.
Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama, futhi ngilala phakathi kwabashiswa umlilo, amadodana abantu amazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, nolimi lwabo luyinkemba ebukhali.
Bheka, bayaxokozela ngomlomo wabo; izinkemba zisezindebeni zabo; ngoba bathi ngubani ozwayo?
Ongenakuhlakanipha uyadelela umakhelwane wakhe, kepha umuntu onengqondo uyazithulela.
Umzenzisi ngomlomo wakhe uyabulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakusindiswa ngolwazi.
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova, kepha abenza iqiniso uyintokozo yakhe.
Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye; ngoba ngiyakwenzani ngendodakazi yabantu bami?
Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.