Abazidlayo bangimbele imigodi ephambene nomthetho wakho.
Abazidlayo bangimbela imigodi, bona abaphambene nomthetho wakho.
Abaqhoshayo bangimbela imigodi, labo abaphambene nomthetho wakho.
Abazidlayo mabajabhe; ngokuba bangiphathe kabi ngeze, kepha ngiyakuqaphela imiyalo yakho.
Ngokuba bangifihlele ngeze inetha labo emgodini, abawumbele umphefumulo wami ngaphandle kwesizathu.
Unyawo oluzidlayo malungangifikeli, isandla somubi singangisusi.
Wemba umthombo, wawumba, wawela emgodini ayewenzile.
Umuntu omubi umba okubi, ezindebeni zakhe kukhona njengomlilo ovuthayo.
Ingabe ububi buyobuyiselwa ngokuhle? ngoba bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kwakho ukubakhulumela kahle, ngisuse ulaka lwakho kubo.
Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho uletha iviyo phezu kwabo ngokuzuma; ngoba bemba umgodi wokungibamba, bafihlela inyawo zami imijibila.