AmaHubo 119:141 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngimncane, ngidelelekile; nokho angikhohlwa imiyalo yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa. IsiZulu 2020 Ngimncane, ngedelelekile; nokho iziyalezo zakho angizilibali. |
Ngidukile njengemvu elahlekile; funa inceku yakho; ngoba kangiyikhohlwa imithetho yakho.
Kepha mina ngimpofu nompofu; nokho uJehova uyangikhumbula: Wena ulusizo lwami nomsindisi wami; ungalibali, Nkulunkulu wami.
Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami; kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami.
Udelelekile, waliwa ngabantu; umuntu wosizi nojwayelene nosizi; futhi samfihlela ubuso bethu njengokungathi; wayedelelekile, futhi asizange simhloniphe.
Waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe, wathi: “Manibusiswe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.
UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.
Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba ecebile waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nina nicebe.
Lalelani, bazalwane bami abathandekayo: UNkulunkulu kabakhethanga yini abampofu balumhlaba ukuba bacebe ekukholweni, lezindlalifa zombuso awuthembisayo abamthandayo?