Wabapha isinkwa sasezulwini ngenxa yokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabathembisa ukuthi bayakungena ukulidla izwe owafunga ngesifungo ukubanika lona.
AmaHubo 114:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 owaphendula idwala libe yimanzi amile, itshe libe ngumthombo wamanzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi, insengetsha ibe ngumthombo wamanzi. IsiZulu 2020 Yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi, insengetsha, ibe ngumthombo wamanzi. |
Wabapha isinkwa sasezulwini ngenxa yokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabathembisa ukuthi bayakungena ukulidla izwe owafunga ngesifungo ukubanika lona.
Uphendula ugwadule lube amanzi amile, nomhlabathi owomileyo ube yimithombo yamanzi.
Bheka, ngiyakuma lapho phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uyakushaya idwala, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze. Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.
Khona-ke uMose waphakamisa isandla sakhe walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, futhi amanzi aphuma maningi, inhlangano yaphuza kanye nemfuyo yayo.
Banatha bonke isiphuzo esifanayo sokomoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elalibalandela, lelo Dwala lalinguKristu.
owanihola ogwadule olukhulu nolwesabekayo, okwakukhona kulo izinyoka ezinomlilo nawofezela nesomiso, lapho kwakungekho manzi khona; owanikhiphela amanzi edwaleni;