Lapho uSanibhalati umHoroni, noThobiya inceku, umAmoni, bezwa ngakho, badabuka kakhulu ngokuthi kufike umuntu ukuzofuna okuhle kwabantwana bakwa-Israyeli.
AmaHubo 112:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ababi bayokubona badabuke; agedle amazinyo, ancibilike; isifiso sababi siyabhubha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha. IsiZulu 2020 Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha. |
Lapho uSanibhalati umHoroni, noThobiya inceku, umAmoni, bezwa ngakho, badabuka kakhulu ngokuthi kufike umuntu ukuzofuna okuhle kwabantwana bakwa-Israyeli.
Kodwa uyabhubha kuze kube phakade njengamalongwe akhe; abambonileyo bayothi: Uphi na?
Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu; nethemba lomzenzisi liyoshabalala.
Ngitshengiseni isibonakaliso sokuhle; ukuze abangizondayo babone, bajabhe, ngokuba wena Jehova ungithembile, ungiduduzile.
Inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimkhiphe, nimkhiphe ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.