AmaHubo 11:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Unisa izihibe phezu kwababi; umlilo nesibabule nomoya oshisayo kuyisabelo sendebe yabo. IsiZulu 2020 Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo. |
Wabathatha, wabathuma basuka phambi kwakhe; kepha ukudla kukaBenjamini kwaba ngokuphindwe kahlanu kunabo bonke. Baphuza, bajabula naye.
Lizahlala ethenteni lakhe, ngoba lingesilo elakhe; isibabule siyofafazwa phezu kwendlu yakhe.
Lapho esesuthisa isisu sakhe, uNkulunkulu uzathululela phezu kwakhe ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe ngesikhathi esidla.
UJehova waduma ezulwini, oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe; isichotho namalahle.
Ngokuba esandleni sikaJehova kukhona indebe, newayini libomvu; igcwele ingxubevange; futhi iyakuthulula kuwo, kodwa inhlese yawo, bonke ababi bomhlaba bayoyinquma futhi bayiphuze.
Vuka, vuka, vuka, Jerusalema, ophuzile esandleni sikaJehova indebe yolaka lwakhe; Uphuze inkezo yendebe yokuthuthumela, uyikhahlele.
Isho kanje iNkosi yakho uJehova, noNkulunkulu wakho omela indaba yabantu bakhe, ithi: Bheka, ngiyithathile esandleni sakho indebe yokuthuthumela, inkezo yenkezo yolaka lwami; ungase ungabe usaliphuza.
Lokhu kuyinkatho yenu, isabelo senu esilinganiselwe esivela kimi, usho uJehova; ngoba ningikhohliwe Mina, lethemba amanga.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakudabula ngesivunguvungu ngokufutheka kwami; kuyakuba khona isihlambi esikhulu ngokufutheka kwami namatshe esichotho esikhulu ekufuthekeni kwami ukuba sikuqede.
Ngiyakulwa naye ngesifo nangegazi; futhi ngiyonisa phezu kwakhe naphezu kwamabutho akhe naphezu kwabantu abaningi abakanye naye imvula namatshe esichotho esikhulu, umlilo nesibabule.
Nigcwele ihlazo enkazimulweni; Phuza nawe, lembulwe ijwabu lakho; indebe yesandla sokunene sikaJehova iyakuphendulelwa kuwe, nokukhafulelwa okuyihlazo phezu kodumo lwakho.
Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma kwana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke.
Kwasekusithi lapho uElkana enikela umhlatshelo, wanika umkakhe uPhenina lawo wonke amadodana akhe lamadodakazi akhe izabelo.
USamuweli wasesithi kumpheki: Letha isabelo engakunika sona, engakutshela ngaso: Sibeke kuwe.