Ngokuba angihlalanga endlini kusukela osukwini engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla; kodwa basuka ethenteni baye kwelinye, kusukela kwelinye ithabhanekele ukuya kwelinye.
AmaHubo 11:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova usethempelini lakhe elingcwele, isihlalo sobukhosi sikaJehova sisezulwini; amehlo akhe ayabona, izinkophe zakhe ziyabahlola abantwana babantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka, izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu. IsiZulu 2020 USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu. |
Ngokuba angihlalanga endlini kusukela osukwini engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla; kodwa basuka ethenteni baye kwelinye, kusukela kwelinye ithabhanekele ukuya kwelinye.
Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Kulokhu nenze ubuwula; ngalokho niyakuba nezimpi kusukela manje kuqhubeke.
Noma ephiwa ukuba alondeke, aphumule kukho; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.
UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.
UJehova wabuka esezulwini abantwana babantu ukuba abone ukuthi ukhona yini oqondayo nofuna uNkulunkulu.
Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngambiza uNkulunkulu wami; Wezwa izwi lami ethempelini lakhe, nokukhala kwami kwaphumela ezindlebeni zakhe phambi kwakhe.
Uyabusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe abona izizwe; abahlubukayo mabangaziphakamisi. Sela.
Hlabelelani kuJehova ohlezi eSiyoni; memezelani phakathi kwezizwe izenzo zakhe.
Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami. Iphi indlu oNgakhela yona? iphi indawo yami yokuphumula na?
Mina, Jehova, ngihlola inhliziyo, ngivivinya izinso, ukuze nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.
Ukhona yini ongamfihla ezindaweni zokucasha ukuze ngingamboni? kusho uJehova. Angigcwalise izulu nomhlaba na? kusho uJehova.
Lalelani, zizwe zonke; lalela, mhlaba nakho konke okukuwo, iNkosi uJehova mayibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.
Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele; umhlaba wonke mawuthule phambi kwakhe.
Thula, nyama yonke, phambi kweNkosi, ngoba ivukile endaweni yayo yokuhlala engcwele.
Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye; noma ngezulu; ngoba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu;
Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, lomhlaba uyisenabelo senyawo zami; isho iNkosi; noma iyini indawo yami yokuphumula na?
Omeleneyo oziphakamisayo phezu kwakho konke okuthiwa nguNkulunkulu, nokukhonzwayo; kangangokuthi yena njengoNkulunkulu uhlala ethempelini likaNkulunkulu, ezibonisa ukuthi unguNkulunkulu.
Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.
Njalo masinyane ngaba kuMoya; khangela-ke, isihlalo sobukhosi simisiwe ezulwini, lohlezi esihlalweni sobukhosi.