Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
AmaHubo 108:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 IGileyadi ingeyami; ungowami uManase; U-Efrayimi ungamandla ekhanda lami; UJuda ungumenzi womthetho wami; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa. IsiZulu 2020 Ngowami uGileyadi, ngowami uManase, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa. |
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
Kepha u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi kaSawule, wathatha u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamyisa eMahanayimi;
EHebroni wabusa phezu kukaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu phezu kuka-Israyeli wonke noJuda.
Ngoba kukhona izihlalo zobukhosi ezimisiweyo zokwahlulela, izihlalo zobukhosi zendlu kaDavida.
Udumo lwakhe lunjengezibulo lenkunzi yakhe, nezimpondo zakhe zinjengezimpondo zenyathi; ngalokho Uyodudula abantu ndawonye kuze kube semikhawulweni yomhlaba; futhi bayizinkulungwane eziyishumi zakwa-Efrayimi, futhi bayizinkulungwane zakwaManase.
AmaFilisti abuthana, eza amisa inkamba eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.