Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
AmaHubo 102:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho izizwe nemibuso ibuthana ukukhonza uJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nxa izizwe zibuthana ndawonye kanye nemibuso ukumkhonza uJehova. IsiZulu 2020 lapho izizwe zibuthana ndawonye nemibuso, ukuzodumisa uSimakade. |
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
Yonke imikhawulo yomhlaba iyokukhumbula futhi iphendukele kuJehova, futhi yonke imindeni yezizwe iyakukhuleka phambi kwakho.
Abalindi bakho bayophakamisa izwi; bayohlabelela ngazwi linye, ngokuba bayobona iso ngeso lapho uJehova ebuyisa iSiyoni.
Jabulani ngokuthokoza, nihlabelele kanyekanye, nina manxiwa aseJerusalema, ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.
Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.
ngezibonakaliso zamandla lezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu; kangangokuthi kusukela eJerusalema nangazungeza kuze kufike e-Iliriku ngishumayele ngokugcwele ivangeli likaKristu.