AmaHubo 102:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izinsuku zami zinjengethunzi eliwayo; ngabuna njengotshani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo; mina uqobo ngiyabuna njengotshani. IsiZulu 2020 Izinsuku zami zifana nethunzi seliyoshona, mina luqobo, ngibuna njengotshani. |
Ngoba ngubani owaziyo okumlungele umuntu kulokhu kuphila, zonke izinsuku zokuphila kwakhe okuyize azidlayo njengesithunzi na? ngoba ngubani ongazi okuzakuba emva kwakhe phansi kwelanga?
Kepha ocebileyo ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.
Kalikwazi okuzakwenzeka kusasa. Ngoba iyini impilo yakho? Kungumhwamuko obonakala isikhashana, bese unyamalala.
Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka;